Ukwenza amaphepha ukuthi abe ngasemthethweni noma ukuveza ubufakazi bokuthi angawo qobo kungumsebenzi wokwenza ubufakazi bokuthi lapho kusayinwe khona kungikho yini, loku kusho ukuthi amaphepha kahulumeni ayananyathiselwa, avalwe asayinwe nesitifiketi se Apostille noma nesitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo.
Inikeza abakhonzi ulwazi ngocingo, ngencwadi noma nge email.
Amanxusa ase Iningizimu Africa kwamanye amazwe angwenza amaphepha ukuthi abe semthethweni uma aqale enziwa ukuba semthethweni yisiphathimandla saleyo ndawo, noma enziwe ukuba semthethweni yisigaba salowomsebenzi segatsha lezangaphandle. Amanxusa akuleli awanalo ilungelo lokukhipha isitifiketi okuthiwa yi Apostille kodwa banalo ilungelo lokukhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo.
Qala uthole ukuthi yiliphi iphepha ofuna ukuthi lenziwe libe senthethweni.
Umele ukuthi utshele abesigaba sokwenza into ibe semthethweni ngelizwe lapho ufuna ukuthi iphepha lisebenze khona ukuze bakwazi ukufunisisa ukuthi kudingeka isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille.
Ngumbhali noma isekela lakhe noma inkantolo ephakeme yase Iningizimu Africa.
Wena ngesiqu sakho - amaphepha athunyelwe ngalendlela ungawalanda uma uveza ubufakazi bokuthi wawaletha. Uma uthumela amaphepha akho ngokuwamikisa wena mathupha unikezwa irisidi yokuvuma ukuthi bawatholile amaphepha akho.
Ngesithunywa - isithunywa sizonikezwa iphephe lokulanda amaphepha elizodingeka mzukwana ulanda amaphepha. Isithunywa sikhokhelwa nguwena.
Ngeposi eliphuthumayo - emaphepheni akho, faka imvilopi elingana nephepha elejwayelekile enekheli lakho eseyikhokhelwe nemali yokuposa ukuze abesigaba sokwenza into ibe semthethweni bakwazi ukubuyisela amaphepha akho emuva. Bhala nencwadi esho ukuthi uthumele amaphepha angakanani ukuze enziwe abe semthethweni, nezwe ofuna ukuthi asebenze kulona, kanye nemininingwane yakho ephelele yokukuthinta.
Hambisa amaphepha akho adlule enxuseni lase Iningizimu Africa kulelozwe.
Amaphepha afakazelwe ukhomishane ofungisayo ukuthi angawo qobo. Ummeli wokulungisa izivumelwano nguye omele ukuthi awafakazele.
Izitifiketi ezingafinciwe zokuzalwa, zomshado, zokufa nencwadi efakazela umuntu ukuthi uyisakhamuzi sakuliphi izwe, ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.
Amaphepha okuthola intandane asayiniwe, agqotshwa isitembu ngumbhali walelohhovisi lokuthola izintandane egatsheni lezomthetho.
Amaphepha okuthengisa impahla yalapha kwamanye amazwe asayiniwe, agqotshwa isitembu yigatsha lezohwebo.
Izitifiketi zemfundo ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezemfundo.
Incwadi esho ukuthi azikho izigibe mayelana nomshado esayiniwe yaphinde yagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.
Amaphepha achaza isimo sempilo asayiniwe, agqotshwa isitembu yisisebenzi sekhansela yabantu abafundele ezempilo esinemvume yokwenze njalo.
Amahora omsebenzi omphakathi msombuluko - lwesihlanu, 08:30 - 12:30.
Abesigaba sokwenza into ibesemthethweni bazokhipha isimemezelo sezinsuku ezingu 7 uma bezovala, loku akuwafaki amaholide.
Abantu abakhokhi lutho uma kusetshenzwa amaphepha abo.
Awekho amafomu agcwaliswayo, kodwa-ke qinisekisa kuthi usho izwe lapho ufuna amaphepha akho asebenze khona.
